KidsOut World Stories

Intuthwane neNdlovu Emal Jabarkhail    
Previous page
Next page

 

 

 

 

Intuthwane neNdlovu

Indaba yase Afghan

 

 

 

 

 

 

*

UMahabis ngumdlalo odlalwa phakathi kwamaqembu amabili. Elinye iqembu lifaka isandla ngaphansi kwengubo, lifihle indandatho esandleni somunye welunga leqembu. Bese bakhombisa izandla zabo ezivaliwe kwelinye iqembu. Iqembu lesibili kufanele liqagele ukuthi indandatho ifihlwe kusiphi isandla.

Intuthwane neNdlovu bebabangani abakhulu kakhulu futhi bebadlala ndawonye noma inini lapho bathola ithuba.

Inkinga kwaba wukuthi, ubaba kaNdlovu wayeqinile kakhulu. Wayengathandi ukuthi indodana yakhe idlale uma inemisebenzi yasekhaya, noma  umama wakhe edinga usizo ekhaya. Futhi wayengathandi indodana yakhe idlale nomngani wayo intuthwane, esikhundleni sokudlala nezinye izindlovu zomndeni.

Indlovu encane yayimesaba kakhulu ubaba wayo futhi yayingathandi uma ethukuthele. Kodwa intuthwane yayinesibindi kakhulu futhi yayingamesabi nhlobo ubaba omdala onomsindo. 

Ngelinye ilanga, laba bangani bebedlala umdlalo wemahabis ngesikhathi bezwa ubaba othukuthele esondela. Umhlabathi wanyakaza kakhulu , izihlahla zanyakazela kolunye uhlangothi zaya kolunye. 

‘Hawu bo, ngubaba!’ kwakhala indlovu  encane, ebukeka esaba kakhulu. ‘Ngizokwenzanjani?’

Intuthwane encane yakhipha isifuba sayo yema ekuphakameni kwayo okugcwele. 'Ungakhathazeki mngani wami, ungacasha ngemuva kwami , ubaba wakho ngeke akuthole!’

Enjoyed this story?
Find out more here