Inyoka yoThingo
A free resource from
KidsOut - the fun and happiness charity
This story is available in:
This story is available in:
Indaba yabomdabu ama-Abo ase Australia

*
Kudala kakhulu ngesikhathi samaphupho, iqembu labantu bomdabu ama-Abo laliphumile ukuyozingela. Ngemva kwamahora amaningi, bakhathala, bakhetha ukuphumula. Kuthe behleli, bexoxa izindaba futhi befudumeza izandla, omunye wabo wabheka phezulu.
Khona lapho phezulu kwakukhona umugqa onezinhlobonhlobo zemibala eminingi emihle– uthingo. Kodwa abomdabu wama-Abo babecabanga ukuthi kuyinyoka ehambayo esuka kwenye indlu yamanzi ukuya kwenye. Babethuke bakhulu ngoba babengafuni lenyoka enkulu, enemibala egcamile isondele eduze kwe kamu labo. Kodwa bajabula kakhulu ukuthi yayibonakala ingasondeli eduze nekamu labo lamanzi.
Omunye umfana osemncane, wayefuna ukwazi kabanzi ngeNyoka yoThingo. Yingakho kuthe uma efika ekhaya, wabuza amadoda amadala esizwe sakhe ukuthi kungani abazingeli babesaba iNyoka yoThingo.
Amakhehla amadala amtshela ukuthi iNyoka yoThingo kwakuyenye yezidalwa zesikhathi samaphupho ezazakha umhlaba.

Ekuqaleni umhlaba wawuyisicaba. Njengoba iNyoka yoThingo yayihamba emhlabeni, umzimba wayo wawakha izintaba nezigodi lapho kugeleza khona imifula. Kwakuyisona sidalwa esikhulu kakhulu sezikhathi zamaphupho futhi amandla ayo ayesabisa nezinye izidalwa zesikhathi samaphupho.
Ekugcineni, iNyoka yoThingo yazizwa ikhathele ngemuva kokwakha umhlaba. Yangena echibini lamanzi, yalala emanzini abandayo futhi apholisa imibala egcamile emzimbeni wayo.
Njalo lapho izilwane ziya echibini lamanzi, zaziqaphela ukuthi zingaphazamisi amanzi, ngoba yize bebangamboni zazazi ukuthi usekhona.
Wayevame kuphela ukuphuma emva kwezimvula ezinkulu Uma ichibi lakhe lamanzi liphazamisekile futhi ilanga limuthinta imibala yomzimba wakhe. Wabe esephakama echibini lamanzi, wadlula phezu kwezihlahla, wakhuphukela emafini bese wadlula waya kwelinye ichibi lamanzi.
Abantu babethuke kakhulu ukuthi wayethukuthele futhi angaphinda aphenduphendule umhlaba ngakho bahlala bethulile futhi azange banyakaze ngesikhathi eya kwikhaya lakhe elisha. Kuthe esefikile lapho, wanyamalala ngaphansi kwamanzi futhi akaphindanga wabonakala
Yingakho abantu bomdabu wama-Abo beqaphela kakhulu ukuthi bangaphazamisi iNyoka yoThingo, uma beyibona idlula esibhakabhakeni.
Enjoyed this story?