KidsOut World Stories

Ibhodwe lephalishi elinomlingo Mary Smith    
Previous page
Next page

Ibhodwe lephalishi elinomlingo

A free resource from

Begin reading

This story is available in:

 

 

 

 

 

 

 

Ibhodwe lephalishi elinomlingo

 

 

 

 

 

 

 

 

 

Intombazane empofu yayihlala nomama wayo edolobheni. Babelambile, kodwa babenganalutho abangakudla.

Intombazane yathi, “Ngizoya ehlathini ngiyofuna amakhowe nezithelo zasendle.”

Lapho wahlangana nesalukazi esathi, ‘Thatha leli bhodwe. Uma uthi kuleli bhodwe: ‘Bhodwe pheka!’ lapho-ke lizokuphekela iphalishi elimnandi. Uma uthi: ‘Bhodwe ima!’ khona-ke lizoyeka ukupheka.

‘Ngiyabonga, ngibonga kakhulu, ‘kusho intombazane, wayeseqhubeka waya ekhaya nesipho.

Ekhaya intombazane yathi, ‘Bhodwe pheka!’

Iphalishi lalinoshukela futhi limnandi , ekugcineni umama nendodakazi basutha.

‘Bhodwe ima!’ yasho intombazane, ibhodwe lase liyayeka ukunika iphalishi. 

Ngelinye ilanga intombazane yahamba ukuyovakashela abangani. Kamuva, umama wayo wazizwa elambile, wayesethi, ‘Bhodwe pheka!’

Umama wadla, kodwa ngesikhathi esenelisekile, wayesekhohliwe amagama okufanele awasebenzise ukuze ibhodwe liyeke ukupheka.

Ibhodwe lapheka… lapheka…lapheka! Ngokushesha ikhishi lagcwala iphalishi! Umgwaqo nezindlu zomakhelwane zagcwala iphalishi! 

Ekugcineni intombazane yabuyela ekhaya.

‘Bhodwe ima!’ kumemeza intombazane.

Ibhodwe layeka ukupheka uphalishi, kodwa abantu kwakufanele badle uphalishi omningi ukuze bakwazi ukungena ezindlini zabo futhi!

Enjoyed this story?
Find out more here