KidsOut World Stories

Ibhulashi lokupenda lomlingo    
Previous page
Next page

 

 

 

 

Ibhulashi lokupenda lomlingo 

Inganekwane yaseChina

 

 

 

 

 

*

Kwasukasukela, ngelinye ilanga kwakukhona insizwa encane  egama lingu Ma Liang. Yayimpofu kodwa inomusa futhi yayithanda kakhulu ukudweba izithombe yonke indawo. Ngobunye ubusuku, waphupha indoda endala imnika ibhulashi lokupenda lomlingo yase imcela ukuthi awusebenzise ukusiza abantu abampofu. Ngenkathi evuka wathola Lolo bhulashi likapende lomlingo etafuleni lakhe.

Kusukela ngalolo suku, wayelisebenzisa ibhulashi  lakhe lemilingo noma kunini lapho abantu abampofu bedinga usizo. Uma ebona ukuthi abantu abanamanzi okufaka kumasimu wabo , wayedweba umfula bese lowo mfula uphile. Abantu babe sebephatha amanzi bewasa kumasimui ukuze imifino yabo ikhule kahle. Uma ebona abalimi abasebenza kanzima behlupheka ukuze bondle imindeni yabo, wayedweba ukudla okuningi ukuze bakwazi ukudla. Maduze, abantu abaningi babe sebazi ngebhulashi lokupenda lomlingo futhi bamubonga kakhulu uMa Liang.

Kodwa kulelo dolobhana, kwakuhlala indoda ecebile eyayinonya, yakhetha ukweba ibhulashi lokupenda lomlingo kule nsizwa ukuze alisebenzise ukuceba kakhulu ukudlula lokhu. Wayesethumela izisebenzi zakhe kwikhaya lika Ma Liang ukuyokweba ibhulashi lokupenda lomlingo. 

Kuthe eselitholile ibhulashi lomlingo, wajabula kakhulu, wabe esemema abangani bakhe ukuthi beze kwikhaya lakhe ukuze abakhombise into yakhe entsha ayitholile. Wadweba izithombe eziningi, kodwa azikho ezavuka zaphila kuye.

Wathukuthela kakhulu lapho ebona ukuthi ibhulashi alisebenzi kuye wabe esethumela umuntu ukuba alande uMa Liang. 

Wathi kule nsizwa, “Uma ungangidwebele izithombe bese uziphilise, ngizokukhulula.”

Uma Liang wayengafuni ukusiza indoda embi kangaka, kodwa waba nombono.

Wathi kule ndoda embi, “Ufuna ngikudwebele ini?”

Indoda ecebile yathi, “Ngifuna intaba yegolide. Ngizoya khona ukuyokha igolide.”

Kodwa insizwa yaqala yadweba ulwandle kuqala.

Indoda ecebile yathukuthela yathi, “Kungani udwebe ulwandle? Ngifuna intaba yegolide. Yidwebe ngokushesha!”

Ngakho insizwa yadweba intaba yegolide ekude kakhulu nolwandle.

Indoda ecebile yathi, “Dweba umkhumbi omkhulu ngokushesha. Ngifuna ukuyakhona ngiyoqoqa igolide.”

Insizwa yamamatheka kancane yabe isidweba umkhumbi omkhulu. Indoda ecebile yagxumela emkhunjini yahamba ukuyofuna igolide kodwa ngesikhathi umkhumbi usuphakathi nolwandle, uMa Liang wadweba igagasi elikhulu elamosha umkhumbi. Indoda ecebile ayiphindanga yabonakala edolobhaneni. 

Ngemva kwalokho, insizwa yaphila nomndeni wayo ngokujabula futhi yayisebenzisa ibhulashi lomlingo ukusiza abantu abampofu.

Njengoba indoda endala yayimcelile ukuba enze futhi ibhulashi lomlingo laziwa, lathandwa yibo bonke.

Enjoyed this story?
Find out more here